Oyisikhulu seSuperSport United uStanley Matthews uphinde wawachitha amahebezi abhungwa kwabezindaba ngokudayiswa kweqembu.
UMatthews ubekhuluma esithangamini nabezindaba ebesibanjwe namuhla ekuseni. Kulenhlanganiso, SuperSport imemezele uGavin Hunt njengomqeqeshi wayo omusha.
Ezinsukwini ezedlule, bekubikwa ukuthi iSuperSport kungenzeka idayiselwe umacaphuna kusale waseZimbabwe uStrive Masiviwa.
UMatthews uthi isiqala ukumdina indaba yokuthi iqembu liyadayiswa.
“Lendaba yaqala ngo-2019 ngesikhathi kudayiswa iBidvest Wits, ngonyaka olandelayo kudayiswe iHighlands Park. Izindaba ngokudayiswa kweqembu ziqala kanjalo. Ngakhipha isitatimende kwabezindaba ngo-2019 ngichaza ukuthi iqembu alidayisi futhi akekho umuntu osexhumane nathi.
Ngo-2019 ngiphinde ngaphebeza amahebezi, ngiphinde ngenza okufanayo ngo-2020. Ngizamile ukubhuqa lomlilo ngonyaka odlule, namanje ngisaqhubeka. Kuyacasula futhi kuyaphoqa kodwa sekujwayelekile ukuthi kudume amanga kwabezindaba,” kubeka uMatthews ekhuluma noPhumlani Msibi.
ISuperSport intula abaxhasi kusukela ngonyaka ka-2018. Igcine isiphoqeleka ukuthi idayise abadlali abamqoka ukuze izoqhubeka nokusimama, kuqonde izinto kwezezimali.
“ISuperSport izimele ngaphandle kokusizwa inkampani iSuperSport. Kusukela ngonyaka ka-1997, iSuperSport iphethwe ngendlela ezimele.
Kuningi osekwenzekile kuleminyaka eyedlule. Iligi isixhaswe abakwaDSTV, akuseyona i-Absa Premiership, kungenzeka lishintshwe igama eminyakeni ezayo.
Asiboni kulungile ukuthi iqembu lidayisiwe ngoba abaxhasi beligi kuyiDSTV. Sizoqhubeka siphathwe iqembu ngendlela ezimele, ikhona imali ebekelwa ukulawula iqembu. Siyazama ukuzimela njengeqembu elizimisele ngokunqoba izindebe,” kubeka uMatthews.