UBongani Zungu uthi iMamelodi Sundowns yilona lodwa elisakhulume nemenenja yakhe.

UZungu uqhube wathi kungenzeka asayine neqembu lakuPremier Soccer League (PSL). ‘UBen 10’ usefana nomdlali ongenalo iqembu njengoba inkontileka yakhe iphela ngomhlaka 30 kuJuni.

Ukubuya kwakhe eMzansi sekuqubule amahebezi amkhomba emaqenjini akuPSL, ikakhulukazi iSundowns neKaizer Chiefs. UZungu uthi uzimisele ngokusayina inkontileka ende eqenjini azogijima kulo, akukhathalekile ukuthi iqembu lidlala phesheya kwezilwandle noma kwiDSTV Premiership.

“Ngizehlisele umoya, isinqumo engizosithatha sibaluleke kakhulu empilweni yami. Ngifisa kube inkontileka yami yokugcina engizoyisayina. Kungenzeka ngibeke phesheya noma ngihlale eMzansi,” kusho uZungu ekhuluma no-Andile Ncube ohlelweni lweSports Nights Amplified.

UZungu, obheke amaqembu aphesheya, uvumile ukuthi alikho iqembu eselikhulume nemenenja yakhe ngaphandle kweSundowns.

“Ngahlangana noMengameli uMotsepe ngomunye unyaka, wangitshela ukuthi iSundowns iyohlezi iyikhaya lami. ISundowns iyikhaya kimi, akukhathalekile ukuthi ngizosayina kuliphi iqembu.

ISundowns yilona lodwa iqembu eselikhulume nemenenja yami, namanje basaqhubeka ngezingxoxo. Akhona amanye amaqembu azamayo,” kubeka uZungu.

Ebuzwa ngemizamo yeChiefs yokumsayinisa, uZungu uvele wangena ezintangeni.

“Ngingumdlali osezingeni, amaqembu azozama ukungishela, abheke isimo sami. Ucingo lwami luvuliwe, ngizowalalela amaqembu angifunayo,” kusho lomdlali.