IMamelodi Sundowns isithumele isicelo esinongiwe kuBongani Zungu, okuvela ukuthi kungenzeka aqoke ukubuyela eChloorkop.

ISundowns yanunusela uZungu (29) ngetshe lemali ekupheleni kukaMeyi ngesikhathi lomdlali eseqinisekisile ukuthi uyashiya kwi-Amiens SC eFrance.

Yize ekhona amaqembu agaqele uZungu, iSundowns iyona kuphela esibeke inkontileka eshoda ngesigxiviso salomdlali. Kuvela ukuthi izikhulu zeSundowns zibuyele kwi-agent kaZungu, zanyusa imali ukuze ngenhloso yokumgqugquzela ukuthi athathe isinqumo.

Imithombo engaphakathi eqenjini isidalule ukuthi isinqumo silele kuye uBen 10 ozakhele igama eChloorkop efika ngo-2013 ngaphambi kokufulathela ngo-2016 ebheke ePortugal.

Lomdlali ubejima eyedwa eChloorkop ngesonto eledlule njengoba efuna ukuba umqemane uma sekuqala isizini ngomhlaka 5 Agasti.

Isinqumo sikaZungu sizophuma ezinsukwini ezilandelayo kodwa abazazi kangcono izindaba zakhe bathi usalinde Kuvele iqembu e-Europe ngaphambi kokuthatha isinqumo.