IMamelodi Sundowns isilungiselela ukuchitha uDivine Lunga noPavol Safranko ukuze kuzovuleka isikhala sokubhalisa abadlali abanobuzwe bangaphandle.

ISundowns isisayinise uMarcelo Allende kwiTorque yase-Uriguay, u-Abdelmounaim Boutoil waseMorocco kanti no-Abubeker Nassir wase-Ethiopia useqalile ukujima eChloorkop.

IDowns ihlangane nezimenenja zalabadlali, kuzoxoxwa ngokunqanyulwa kwezinkontileka zabo njengoba kudingeka isikhala sabadlali abahlanu kwiPSL.

IFCSB yaseRomania ikhulumile neSundowns icela ukunikezwa uSafranko mahhala kodwa izingxoxo azihambanga kahle. Khona namhlanje, iSepsi yakhona eRomania ingene ezingxoxweni neDowns ibuza ngomgadli.

ULunga yena kungenzeka akhululwe ngokushesha ngoba nemenenja yakhe ivuma kanjalo. Ukuqina kwendawo yasemuva kuphoqa ukuthi angadingeki uLunga yize ekwazi ukudlala ezindaweni ezimbili.

Ukusayiniswa kukaMarcelo noNassir kunyuse isibalo sabadlali bangaphandle kwiSundowns, sahlala ku-8. Kuyimanje iqembu lihleli noGaston Sirino, Boutoil, Marcelo, Nassir, Safranko, Lunga, Erwin Saavedra noPeter Shalulile.

Umehluko ngoShalulile ukuthi usengabhaliswa njengomdlali wakuleli njengoba esehlale iminyaka emihlanu eNingizimu Afrika.

Umthetho wePSL uvuma ukuthi iqembu ngalinye libhalise abadlali abahlanu abanobuzwe bangaphandle.

UBrian Onyango, Denis Onyango noKennedy Mweene babhaliswe kubadlali bakuleli.