USihlalo weMamelodi Sundowns uThlopane Motsepe usephendule abantu abakhala ngokuthi izimbangi kuDSTV Premiership azikwazi ukumelana neqembu lakhe uma sekuyothezwa emakethe.
ISundowns isayinise uSipho Mbule kwiSuperSport United ngoLwesihlanu.
Akugcini lapho njengoba iSundowns isibeke itshe lemali ishela uBongani Zungu (29) ongenalo iqembu okwamanje.
UMotsepe uthi izimbangi zabo ziyatheza emakethe ngoba kunabadlali abekade bebagaqele abaphunyukele kwamanye amaqembu.
“Kuningi okwenzekile ngesikhathi sokuthezwa kwabadlali kulamasizini amabili adlule, akusibona bonke abadlali abasayine kwiSundowns.
Asisebenzisi imali ukuze sincenge abadlali ukuthi bezojoyina. Siyazibuka izidingo zomdlali, sijabule ngabadlali esinabo eqenjini. Sinqobe izindebe ezintathu ngoba bayafuna ukuba yingxenye yeqembu futhi bayazikhombisa usuku nosuku,” kubeka uMotsepe.