Zingase zigcine zibhuntshile izinhlelo zeKaizer Chiefs zokusayinisa umdlali wasemuva weStellenbosch FC uFawaaz Basadien njengoba kuvela ukuthi leli qembu alizimisele ngokumdedela ngemali ephansi.
Ngokombiko weSoccer Laduma, iStellies ichizele imali ebalelwa kuR10 million iChiefs ecele ukuthenga ngayo uBasadien (27) njengoba idinga uleft back onamava kulandela ukudedela uSifiso Hlanti.
IChiefs isivele isayinise uBongani Sam kwi-Orlando Pirates kodwa ufike walimala futhi usazohlala amasonto engadlali.
Ukulimala kwakhe kuphoqe umqeqeshi weChiefs uNasreddine Nabi ukuthi agcine esesebenzisa uNkosana Mbuthu (19).
Sekunesikhathi uBasadien ekhonjwa kumaqembu aseSoweto, kodwa iStellies ayikaze ikhombise ukuzimisela ngokumdedela.
Okunye okungase kwenze iStellies inqabe nokudedela lo mdlali wukuthi uright back wayo uDeano van Rooyen naye unezesheli, asiboni ukuthi leli qembu elizoba lidlala kwiCAF Confederations lizovuma ukudedela abadlali ababili basemuva ababalulekile.
IChiefs isiyakhe ubudlelwano ‘obuhle’ neStellies eminyakeni edlule njengoba ikwaze ukuthenga kuyo oZitha Kwinika, Ashley du Preez noSibongiseni Mthethwa.