Iqembu laseDR Congo iSt-Eloi Lupopo selichithe izinsolo zokuthi yadlaliswa ngaphansi kwezimo ezinzima i-Orlando Pirates eLubumbashi ngempelasonto edlule futhi isiyalele abameli bayo ukuthi balusukumele lolu daba.

Phakathi kwezinsolo ezisabelele ezinkundleni zokuxhumana, iningi lazo ezivezwe wumsakazi weMetro FM, uTBo Touch wukuthi iPirates ayisitholanga isidlo sasekuseni ehhotela eyayilele kulo, okusho ukuthi abadlali badlala belambile ngaphambi kokuthola isibhaxu sika 3-0.

Uqhuba athi baxwayiswa ukuthi inkundla yakhiwa endaweni eyayinamabhomu phansi, esingakusho nje nathi ukuthi sizibonele ukuthi yinganekwane.

Uthi kwadlalwa ilanga lishisa ngendlela exakile futhi umdlalo kwakufanele umiswe.

Okusithusile ngokushiwo umfoka Touch ukuthi lezi zindaba zifike kanjani kuyena, zeqa zonke ezinye izintatheli ezisondelene neBucs.

Iphendula lolu daba iLupopo ithe kungamanga konke okushiwo ngalo mdlalo ngoba iyaziwa kwiCAF ngokuhlonipha imithetho, futhi ithe ngenxa yobunzima bezinsolo ezibekiwe, izothatha izinyathelo zomthetho.