Bekushubile emcimbini wokwethulwa komkhankaso kaRia Ledwaba ozimisele ngokuhola iSouth African Football Association (SAFA) izolo emini.
Izihambeli zalomcimbi obubanjelwe eNelson Mandela Foundation, eHoughton, zithuke zoma ozwaneni sezizwa ukuthi uLedwaba angeke alubhade kulomkhankaso.
Kuphume isimemezelo esithi uLedwaba kungenzeka amiswe noma ahoxiswe okhethweni leSAFA uma eqhubeka nokwethula lomkhankaso. Bekulindelwe ukuthi uLedwaba azokwethula inkulumo ecacisa ngezinhlelo zakhe ZeSAFA njengoba sekusondele ukhetho.
Phakathi kwabahlonishwa ebezihambele lomcimbi, bekukhona uDoctor Khumalo owayengumdlali weBafana Bafana, u-Ephraim Shakes Mashaba owayengumqeqeshi weBafana, uMengameli weNetball SA uCecilia Molokwane nowayeyisikhulu seSAFA uDennis Mumble. Owayeyisihlabani seBanyana Banyana uPortia Modise ubekhona ukuzokweseka uLedwaba.
ULedwaba ubefuna ukuqhuba umkhankaso wakhe yize iSAFA yakhuza ngokuqalwa kwemikhankaso uma amagama abantu abasokhethweni engakaqinisekiswa ikomidi lokubusa ngobuqotho, okuyilona elizoba mehlomane okhethweni.
Ummeli kaLedwaba uLeruma Thobejane, uyena omcebise ukuthi angaqhubeki nalomkhankaso njengoba ezozifaka engcupheni yokumiswa noma ahoxiswe okhethweni.
“Sathola imiyalezo ngesonto eliphelile, kuxwayiswa uLedwaba ngokuqala umkhankaso. Sibambe umhlangano omude, ngamtshela ukuthi angaqhubeki nomkhankaso wakhe. Ubefuna ukuzokhuluma ngenxa yabezindaba, izihambeli namalunga omphakathi abamenyiwe. Ngiyaxolisa ngokuthi abantu abakwazanga ukumlalela ngenxa yokuhlonishwa komthetho.
Amalunga eSAFA aqoke abantu abathathu abazomisana kabi noMengameli uDanny Jordaan onuka iqaqa kubathandi bebhola baseMzansi.
Kuvela ukuthi labantu abathathu kungenzeka bahoxiswe yikomidi lokubusa ngobuqotho. Lokhu kuzoshiya uJordaan engenayo imbangi.
Emagameni aphakanyiswe amalungu eSAFA, kukhona uLedwaba, owayeyisekela likaMengameli uNomsa Mahlangu, noMengameli weSAFA eTshwane uNgoako Mohlabeng.