Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi akubalulekile ukuthi ubambe siphi isikhundla kahle hle kuleli qembu, futhi ugqugquzela abantu ukuthi basuke kulento yokucabanga ngezikhundla ebholeni lakuleli.

UMngqithi ungene ezintangeni ngoLwesine ebuzwa ngokuthi ngabe sekukhala esakhe isicathu kubaqeqeshi beSundowns.

“Angazi. Nibuza umbuzo ofanele, kodwa akumele ngabe niwubhekise kumina,” kuphendula uMngqithi exinwa ngemibuzo njengoba namamje iSundowns ingakamemezeli ukuthi sivalwa wubani isikhala sikaRhulani Mokwena.

“Engingakusho nje ukuthi ningaqhubeka ningibize ngomqeqeshi uManqoba. Kumele sisuke kulento yokunaka izikhundla. Lento iyasibulala ezweni lethu ngezindlela eziningi.

“Izikhundla azibalulekile. Ngokwami, isikhundla iyonanto ephansi kunazo zonke. Ngokolwazi enginalo into ebalulekile ukuthi ukwazi ukuba nezwi ulalelwe kukho konke okwenzayo. Angikaze ngizithande izikhundla.

“Ezweni lethu sinenqwaba yezikhundla. Mhlawumbe kusasa nami ngizovuka senginesikhundla, angazi. Into ebalulekile ukuthi wukuthi unikezwe imvume yokuhola uma uwumholi.

Abaningi basola ukuthi wuMngqithi ocele ukuthi iSundowns ilande uRomain Folz oshaye udaka kwiMarumo Gallants nakuMaZulu. Sekunezinsolo zokuthi wuFolz empeleni osehola amaqhinga eqembu njengoba kulungiswa indlela entsha yokudlala, kodwa konke ukwenza ngaphansi kobuholi bukaMngqithi.

UMngqithi uthe uthanda ibhola elisheshayo, elihlaselayo, okuyinto efunwa wusomaqhinga weDowns uFlemming Berg futhi yinto esiyibonile nakwimidlalo yabo yokulungiselela isizini entsha.

Njengoba sekusele isonto elilodwa ngaphambi komdlalo wokuqala wesizini ka-2024/25 weSundowns, asiboni ukuthi leli qembu lisazomlanda omunye umqeqeshi.

ISundowns izobhekana nePolokwane City ngeSonto (11 August) ngo-3 ntambama.