I-SA Post Office ithi isibonelelo sabangasebenzi sikaR350 angeke sisatholakala emaposini.
Ekhasini labo enkundleni yokuxhumana i-Twitter bamemezele ukuthi njengoba kubhaliselwa kabusha ukuthola lesibonelelo abantu kumele bazikhethele ukuthi bazoyilanda kuziphi izitolo.
“Imali ungakwazi ukuthi uyikhiphe ePick nPay, Boxer, Checkers, Usave noma eShoprite. Ayikho imali ezodonswa uma usuzokhipha isibonelelo,” kusho isitatimende.
When you reapply for your SRD grant, tick the option to also receive your grant at Retailer till: Pick n Pay, Boxer, Shoprite, Checkers and USave. There is no transaction fee on the payout, and it is super convenient. pic.twitter.com/Hik8Mf6iNM
— SA Post Office (@PostofficeSa) May 9, 2022
Bathe abantu bangaphatha umazisi nefoni uma sebeyokhipha imali.
Lesi sibonelelo sethulwe wuhulumeni wakuleli ngesikhathi abaningi besokola ngenxa yokuvalwa kwezwe ukunqanda ukubhebhetheka kweCovid-19 kuleli.