UMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uthi uzoqhubekela phambili nemizamo yokuvimba ukushushumbiswa komakhalekhukhwini emajele nasezitokisini. 

Lokhu kulandela ukuqina kwezinsolo ezikhomba ukukhuphuka kwezinga lobugebengu obenziwa iziboshwa ngaphakathi emajele.

Isitatimende soMnyango silandela imibiko ebiveza ukuthi kuzotshalwa imishini evimba i-signal yomakhalekhukhwini maduzane nejele iSt Albans, eNelson Mandela Bay, esifundazweni i-Eastern Cape. 

UMnyango uthi angeke utshale umshini ovimba i-signal ngoba kuzophazamiseka izakhamuzi nabosizo oluphuthumayo. 

Okhulumela uMnyango uSingabakho Nxumalo uthi sebefinyelele emaphethelweni ngokuthola isisombululo.

“Iziboshwa azigcini ngokusebenzisa omakhalekhukhwini ukuze zizothumelela imiyalezo kubangani nasemindenini. Iziboshwa zikhanda namatulo okwenza ubugebengu ngomakhalekhukhwini. Kuyenzeka iziboshwa zingene kwamanye ama-sites, ziqhubeke nokwenza okunye. 

“Sahlazeka siwuMnyango ngesikhathi sivundulula ukuthi kuneziboshwa ezikwazi ukubhalisela imali yesibonelelo sabangasebenzi (R350), zenze nokunye okungalungile ngomakhalekhukhwini. SiwuMnyango, kuyasiphoqa ukuthi sithole isisombululo esizonqanda lenkinga,” kusho uNxumalo.