ISouth African Football Association (SAFA) yabesimame isola uRia Ledwaba ngokucekela phansi inhlangano nokuthuthuka kwebhola labesifazane.

Lenhlangano yabesimame ebihambele ingqungquthela ebibanjelwe eSandton ngoMgqibelo, ikubeke kwacaca ukuthi izokweseka uDanny Jordaan okhethweni lokuqoka uMengameli weSAFA.

UJordaan, Ledwaba noMengameli weSAFA eTshwane uSolly Mohlabeng bazolwela isikhundla sikaMengameli wenhlangano ngoMgqibelo ozayo emcimbini ozobanjelwa eGoli.

ISAFA yabesimame ibiholwa amalungu ekomidi leNEC u-Anastacia Tsichlas no-Emma Hendricks.

“Okwamanje iSAFA ihamba ngendlela efanele, akekho umuntu ozobhidliza izinsiza ezikhona ezisiza ukuthuthukiswa kwabesifazane ebholeni.

Asifuni ukushintsha ngoba sisafuna ukunyusa isibalo sabantu besifazane ebholeni likanobhutshuzayo. Sifuna ukubona bephumelela, lokho kubalulekile kakhulu. SiyiSAFA yabesimame, siyameseka uMengameli uJordaan.

UHendricks usole uLedwaba ngokuzama ukucekela phansi umsebenzi weSAFA ngoba engazimisele ngokuthuthukisa ibhola labesifazane.

“Sifuna umuntu olithandayo ibhola likanobhutshuzayo. Kungani uzama ukubhidliza iSAFA uma uyithanda inhlangano. Kufanele uzame ukuyakha iSAFA.

UTsichlas uthi sizofika isikhathi sokuqoka uMengameli wesifazane kodwa ababoni kahle ngoLedwaba.

“Siyazama impela ukufinyelela esigabeni sokuba noMengameli wesifazane. Nathi siyakhanda, siyazicika ukuze sizofika kulelozinga.

Angichazi ukuthi asikulungele ukuphathwa uMengameli wesifazane. Kufanele siphathwe umuntu olungile uma sekufike isikhathi esifanele. Sizovumelana kahle ngoba siphila kuhulumeni wentando yeningi. Angeke siqoke uMengameli wesifazane ngoba senzela amehlo abantu.

IFIFA ayimfuni umuntu ofaka ipolitiki ebholeni. Asifuni ukutshelwa amaqembu epolitiki ukuthi iSAFA kufanele iholwe kanjani. Asifuni ukuhlaza Inhlangano, igcina isigadwa iFIFA. Sizomeseka owesifazane ofisa ukuhola iSAFA kodwa kufanele asilungele isikhundla,” kubeka uTsichlas.