Oyisikhulu esiphezulu seSAFA uTebogo Motlanthe ufuna kuqiniswe uswazi kwizikhulu zamaqembu, onompempe, abadlali kanye nabaphathi benhlangano ababandakanyeka kwinkohlakalo, udlame kanye nokudayisa ngemiphumela kwi-ABC Motsepe League.

NgeSonto, iMagesi FC yaseLimpopo neMM Platinum bazotholana phezulu kowamanqamu weMotsepe League.

Okubi nje igama elingcolayo eselimataniswa nesigaba sesithathu sebhola kuleli. Sekuyinto ejwayelekile ukubonakala kwemifanekiso engemihle emidlalweni ye-ABC Motsepe League.

Kwezinye izigameko kubonakala kuqhuma izibhamu enkundleni, noma abadlali nezikhulu zamaqembu zishaye onompempe.

Yize amacala esevuliwe kwakhishwa nezigwebo eziqondene nezigameko ezimbi kwiMotsepe League, udlame ezinkundleni nokudayisa kwemidlalo kusaqhubeka.

UMotlanthe uthi iSAFA ingcolelwa yigama uma kuqhubeka izigameko ezifana nalezi.

“Igama nesithunzi seSAFA siyamosheka ngoba ukubheduka kodlame kugcwala ezinkundleni zokuxhumana nakwabezindaba. Angeke siqhubeke kanje, kufanele sifundise amaqembu nonompempe. Umuntu oshaya onompempe akafuneki ebholeni, kufanele axoshwe.

Zisifundisa ini izingane ezidlala ibhola? Kufanele sifundise ebholeni, sikhulise abaholi bakusasa. Ufundisa kanjani uma ungumqeqeshi oshaya onompempe? Izingane zizofunda ukuthi kulungile lokho.

Kufanele sifundise, silungise, singagcini ngokujezisa izoni ngokukhokha imali. Abantu abanemali eningi bazoqhubeka nokushaya onompempe, bakhokhe imali yokulahlwa icala.

Kuyaphoqa ukuqinisa isandla, sifundise neminyango elawula ukuphasiswa komthetho. Akulungile ukuthi abantu abanemali bajwayele ukusebenzisa imali uma belahlwe amacala. Kufanele silwisane nodlame ebholeni,” kubeka uMotlanthe.