ISouth African Football Association (SAFA) isichithe izinsolo zokuzama ukuphazamisa uRia Ledwaba emkhankasweni wakhe wokhetho lukaMengameli.
Oyisikhulu esiphezulu kwiSAFA uTebogo Motlanthe uthi ibingazama ukuvimba uLedwaba njengoba esabiswe ngokumiswa ngokuhoxiswa okhethweni uma eqhubeka nokusingatha umkhankaso ngoLwesibili.
ULedwaba wagcina engakhulumanga njengoba wayexwayiswe ummeli wakhe uLeruma Thobejane ngezingqinamba angabhekana nazo uma eqhuba umkhankaso. Umthetho owabekwa iSAFA uthi bonke abantu abasokhethweni kufanele bahlolwe ikomidi lokuphatha ngobuqotho kuqala ngaphambi kokukhankasa.
“Asizami ukunqanda uLedwaba. Siyinhlangano, silandela umthethosisekelo. Incwadi ithunyelwe kuwona wonke amalungu, akusiyena uLedwaba kuphela. Akufanele baqale imikhankaso emphakathini bengakahlolisiswa ikomidi lokubusa ngobuqotho.
Kungenzekalani uma ikomidi lingaphuma nesinqumo sokuthi angeke besangena okhethweni? Kungathiwani ngobuqotho bokhetho?” kusho uMotlanthe.
Izikhulumi eziqavile ezazikhona kulomkhankaso uMengameli weNetball SA uCecilia Molokwane, inkakha yeBafana Bafana uDoctor Khumalo, uPortia Modise nowayengumqeqeshi weBafana Bafana uShakes Mashaba.
Bonke babekhononda ngokubhacaza kweSAFA. Babefuna kushintshwe bonke ubuholi beSAFA.
Ebuzwa ngezikhulumi ezagxeka iSAFA emkhankasweni kaLedwaba, uMotlanthe uthe abantu banelungelo lokuveza imizwa yabo.
“Abantu babekhuluma imizwa yabo. Lokho kuyilungelo labo. Angeke siphoqwe abantu ngezinqumo esizithathayo. Amalungu eSAFA namalungu ePremier Soccer League azokhetha umuntu ozohola inhlangano.
Angeke silalele abasebenzi beSAFA bakudala, osopolitiki, nabadlali bakudala abacasukile. Abantu banelungelo lokukhuluma ngemizwa yabo. Isinqumo sizophuma kwizifunda zeSAFA ezingu-52 namalungu eSAFA okuyibona abazovota.
Abantu abahloniphe umthethosisekelo, balandele imigudu efanele uma befuna ukuba yingxenye yokhetho,” kusho uMotlanthe.