Umnikazi weRoyal AM uShawn Mkhize usethembise ukusiza iqembu ukuze lingaphelelwa umgqigqo kumasizini alandelayo.

Kujwayelekile ukuthi amaqembu afike kwiDSTV Premiership eshisa izikhotha kodwa agcine ngokuphelelelwa yifomu nomgqigqo kumasizini alandelayo.

Umzekelo kungaba iSwallows ebuye kwiPremiership ngamandla ngesizini edlule, yaqeda isendaweni yesithupha. Kulesizini, izinto azihambi kahle njengoba bephelelwe ifomu, osekubabeke engcupheni yokugawulwa yizembe.

Imibuzo mayelana nokuhlasela kwesifo esifanayo kwiRoyal AM isiqalile ukuvela. IThwihli Thwahla ithenge isitifiketi seBloemfontein Celtic ekuqaleni kwesizini, kuyimanje ihleli endaweni yesithathu, kanti isembangweni weCAF Champions League.

“Akukho kuhle ukuqhathaniswa namanye amaqembu. Sicela ukunikezwa isikhala, IRoyal AM angeke ifane nelinye iqembu. Angeke usiqhathanise nelinye iqembu ngoba sidlala ngendlela yethu. Sithatha umdlalo ngamunye, sizoqhubeka kanjalo uma sesifike kwiCAF,” kubeka uMaMkhize ekhuluma nabeTimesLive.

IRoyal inemidlalo emibili yeligi esele, okuyisimo esidalwe ukuhlehliswa komdlalo wayo ne-Orlando Pirates ezodlala kowamanqamu weCAF Confederations Cup.

UMaMkhize uthi bathola izifundo zokuqhubekela phambili, njengoba efuna ukukhanda iqembu elizolwela iligi nezinkomishi. Uthi yize IRoyal AM iphumelele ukudlula umbandela obubekelwe iqembu, angeke baphaphiswe ifomu yabo kulesizini.

“Impumelelo ayihlelelwa, besifuna ukuvika izembe kulesizini kodwa sizothola sihleli emaqenjini amathathu adlala kahle. Sifuna ukungena kwiTop 8 ngesizini ezayo, asazi ukuthi sizoqeda kuyiphi indawo. Sifuna ukungena kwiTop 8 kodwa kodwa angeke sidembesele.

Kufanele sizinikele emdlalweni kube sengathi sidlala kowamanqamu, singayibukeli phansi imidlalo,” kusho uMaMkhize.