IRoyal AM is ezithendeni zikamqeqeshi uGavin Hunt njengoba izama ukuvala isikhala esishiywe uJohn Maduka osulike esikhundleni.

Umthombo othembekile ongaphakathi kwiRoyal AM uthi izingxoxo seziqaliwe phakathi kweqembu noHunt. Uqhube wathi iqembu belivele lihlela ukudedela UMaduka ngoba engenaso isipiliyoni kwiCAF, okungamava akhona kuHunt.

IThwihli Thwahla izodlala kwiCAF Confederations Cup ngesizini ka-2022/23.

“UHunt ubefikile ePietermaritzburg ngempelasonto. Ubambe izingxoxo neRoyal AM. Iqembu lifuna ukuchitha uMaduka, libona ukuthi uMaduka akanaso isipiliyoni sokuqeqesha e-Afrika.

UHunt unesipiliyoni sokudlala kwiCAF. Ufake iCAF kuma-semifinals eChampions League,” kubeka lomthombo.

UMaduka ubeke IRoyal AM endaweni yesithathu kwiligi yize beqale kabi isizini kudayiswa isitifiketi weBloemfontein Celtic. IRoyal ithuthe nabadlali beCeltic, bazozinza eThekwini.

Akekho obecabanga ukuthi uMaduka uyozithola kulesimo ngemuva kokutibila kanzima neqembu kulesizini ephelile.

UHunt uwachithile amahebezi amkhomba ePietermaritzburg, wathi alikho iqembu akhuluma nalo okwamanje.

Oyisikhulu esiphezulu kwiRoyal AM uSinky Mnisi ungene ezintangeni ebuzwa ngoMaduka noHunt.

“Sisahlabe ikhefu okwamanje, siphumule emakhaya nemindeni yethu. Angazi lutho ngoHunt okhonjwa eqenjini, buza yena. Ungabuza noJohn Maduka ukuthi uyahamba yini ngoba angazi lutho mina. Angifuni ukuphawula kakhulu.

Sihlela ukuqinisa kwiConfed Cup. Sifuna ukuhlala kwiTop 8 ekupheleni kwesizini ka-2022/23,” kusho uMnisi.