Ngesikhathi iqembu lijabulela ukunyukela kwiDSTV Premiership ngemuva kokudlala ngokulingana neCape Town Spurs, oyisikhulu seqembu uJomo Biyela uqinisekise kubalandeli ukuthi iqembu alikho endalini.
“Iqembu alidayisi. Iqembu lami leli, angeke ngishintshe umqondo noma kungabekwa Nalini etafuleni. Ngisho naloyo onephupho lokuthenga iqembu uzobe ezimoshela isikhathi,” kubeka uBiyela.
Abalandeli abaningi baqale ukungabaza ngekusasa leqembu, bebuza ngezinhlelo zikaBiyela nebhodi uma iqembu lingakhuphukela esigabeni esiphezulu.
Abaningi bakhumbule iThanda Royal Zulu eyayingompetha beNational First Division (NFD) ngo-2017. IThanda yalandela ngokudayisela AmaZulu isitifiketi sokudlala esigabeni esiphezulu
IBay iqede isesicongweni seGladAfrica Championship, kwasala ngemuva iPretoria University nayo eqede umdlalo wayo iginqa iqanda. Umdlalo wamaTUKS neHungry Lions uphele ngo 0-0.