Iqembu elihlonishwayo e-Europe, iReal Madrid, ibukeka izimisele nokuqhubeka nokutheza abadlali abasha kwiChelsea FC. Muva nje kusanda kuvela ukuthi isitobha seChelsea, u-Antonio Rudiger, sesivumele neMadrid ukuthi uzoyijoyina uma kusongwa le sizini. URudiger uphelelwa yinkontileka kwiChelsea kanti ubematanishwa namaqembu okubalwa kuwo iPSG, Man United neBayern. Ngokwezintatheli esezimkantshubomvu e-Europe, kuvela ukuthi uRudiger ugcine eqoke iMadrid.
Manje sekuvela ukuthi leli qembu ligaqele esinye isibabuli somdlali weChelsea, uReece James odlala i-right wing back (ubuye asibambe nesisu).
Kule sizini kucacela ngisho ingane encane ukuthi iMadrid idinga ukuqinisa emuva kulandela ukushiya kukaSergio Ramos. Nakwi-right wing back idinga umdlali omusha njengoba esephendunga umnyango wase-mall uDani Carvajal.
UReece James uzikhombisile kubaphathi beMadrid ngesikhathi bebhekene nayo kuma quarterfinal e-EUFA Champions League. Indlela adlala kahle ngayo ukapteni weMadrid uKarim Benzema wacela umjezi wakhe ngemuva komdlalo.
IMadrid nokho ngeke imthole kalula uJames ngoba unennkontileka ephela ngo-2025 futhi ubalwa kubadlali abazoba yinsika yeChelsea njengoba iqembu lizothola abanikazi abasha. Esikuhabulayo ngokwemibiko yamaziko ezindaba e-Europe ukuthi iMadrid ayinankinga nokulinda kuze kuphele isizini elandelayo ukuthi isayinise uJames, kodwa ifuna azi ukuthi izimisele ngaye. IMadrid idumile ngokushela abadlali isikhathi eside ngaphambi kokubasayinisa.