UMohamed Salah uwulindele ngabomvu umdlalo weReal Madrid abazobhekana nayo kowamanqamu we-UEFA Champions League.
Ngemuva kwewini yeMadrid kwiManchester City ngoLwesithathu ebusuku, uSalah wabhala kuTwitter ukuthi kunodaba okumele baluqedele neMadrid.
Ekhuluma nabeSky Sports ngoLwesine, uSalah ucacise ngalenkulumo, waveza ukuthi bonke abadlali nabaqeqeshi beqembu bebefuna IMadrid esitikini.
“Wonke umuntu kwiLiverpool ubefuna iMadrid. Angazi ukuthi kungani kungafanele ukuthi sikhulume ngezifiso zethu. Mina ngiyathanda ukukhuluma ngakho. Ngiwufuna ukubhubha lomdlalo. Bengifuna iReal Madrid esitikini.
Angibancomi. Bayiqembu elihle nomqeqeshi osezingeni eliphezulu, nabadlali basezingeni. Ngesikhathi bengibuza ngeqembu engilifunayo, ngithe iMadrid. Impendulo ilula,” kuchaza uSalah.
USalah uvukelwa iminjunju uma ecabanga ngeMadrid. Umdlalo wamanqamu weChampions League ngesizini ka-2017/18 waphela kungasekuhle uSalah ephuma eselimele. Uthi lomdlalo usahleli engqondweni yakhe, usafuna ukuziphindiselela.
“Ngaphoxeka kakhulu. Ngalimala emdlalweni omubi, kodwa uma sengiziphindiselile, ngizokwazi ukudlulisa. Ngaya eholidini ngifuna ukukhohlwa ngomdlalo. Ngazitshela ukuthi ngifuna ukuqina, ngilwe. Ngilwile kakhulu, yingakho sikowamanqamu,” kusho uSalah.