Usihlalo wePremier Soccer League u-Irvin Khoza usememezele inkampani yezokugembula, iBetway, njengabaxhasi abasha bePremiership.

UKhoza wenze isimemezelo eGoli ngoLwesithathu ekuseni kulandela ukuhlukana kwePSL neDStv (ephethwe yiMultiChoice) okuthiwa ibhekene nezingqinamba ezimalini.

Ukungena kweBetway kwiPSL kukhombisa ukusimama kwezinkampani zokugembula eNingizimu Afrika esezingene shi kwezemidlalo.

IBetway ingabaxhasi bomqhudelwano wekhilikithi okhula ngamandla kuleli iSA20. Iphinde ibe nenkontileka yeminyaka emithathu namaSpringboks. Ebholeni phesheya ingabaxhasi beWest Ham, Arsenal, Brighton & Hove ne-Atletico Madrid. Kwezamahhashi ixhasa iBetway Summer Cup, okuwumjaho wamahhashi odumile eGauteng.

“IBetway ingabaxhasi bethu abasha. Siyabonga kakhulu kwiDStv Premiership. Sikhethe ukwenza ngale ndlela ngoba sizoqhubeka sibambisane neDStv kwezinye izinto.”

IBetway ithe ifuna ukuqinisa kakhulu icontent yePSL, okusho ukuthi abantu bangalindela ukubona iziqeshana zamavideo nezithombe okuthe xaxa okuthinta amaqembu ezinkundleni zokuxhumana ngesizini ezayo.