Umqeqeshi wePyramids FC uKrunoslav Jurčić uthi ngokubona kwakhe banqobe ngo 2-0 emdlalweni wabo weCAF Champions League ne-Orlando Pirates izolo.
UJurčić okusale kancane akhishwe ngekhadi elibomvu ephikisana nezinqumo zikanompempe neVAR ecishe amagoli amabili ePyramids. Elokuqala kube yi-offside kaFiston Mayele, elesibili ibhola lishaye esandleni somdlali wePyramids ngaphambi kokuthi lingene enethini, kodwa uJurčić uyaziphikisa zombili lezi zinqumo.
“Ngiyaziqhenya kakhulu ngeqembu lami, sibe nomdlalo omugle, kodwa ngiphoxekole ngoba sikore amagoli amabili,” kusho uJurčić ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.
“Benginitshelile izolo [ngoLwesihlanu] ukuthi sidlale ibhola elihle, sikwenzile lokho. Ngokwami siwine ngo 2-0. Ngiyayithanda i-Africa kodwa hhayi uma kunje. Ngijabule ngabafana bami, ngendlela esidlale ngayo, kodwa ngiphoxekile futhi.
“Ngeke ungaphoxeki udlala kwisemifinal yeChampions Leagaue ukore amagoli amabili achithwe yiVAR. Kuyacasula. Kodwa ngiyaziqhenya ngendlela esidlale ngayo.
IPyramids neBucs bazobhekana emlenzeni wesibili ngoLwesihlanu ngo-18:00 eCairo.