Kubukeka izohlehla imidlalo yeDSTV Premiership okufanele idlalwe i-Orlando Pirates ngoMeyi njengoba leliqembu limatasa nomqhudelwano weCAF Confederations Cup kulezinsuku.
IBucs isifake unyawo olulodwa kowamanqamu kwazise yanqoba ngo 2-0 ibhekene ne-Al Ahli Tripoli emlenzeni wokuqala kwisemifinal eyayibanjelwe eLibya.
Isizini iyagoqwa ngomhlaka 21 kuMeyi, okubeka iBucs engcupheni njengoba izokwamukela i-Ahly Tripoli emlenzeni wesibili ozobanjelwa e-Orlando Stadium ngeSonto.
Ngesizathu sokulibangisa eLibya, umdlalo weBucs neRoyal AM wahlehliswa. Omunye umdlalo wayo neMarizburg United uzohlehliswa njengoba iBucs izodlala kwiCAF. Eminye imidlalo yeDSTV Premiership izoqhubeka ngesikhathi esifanayo ngoMgqibelo (3pm).
Uma iPirates ifinyelela kowamanqamu ozobanjelwa eGodswill Akpabio International Stadium ngomhlaka 22 kuMeyi 2022, izinto zizohlaphazeka kakhulu kwazise umdlalo womzuliswano wokugcina neSuperSport United kuzophoqa ukuthi uhlehliswe. Lomdlalo uhlelelwe umhlaka 21 kuMeyi.
Uma iBucs ikhishwa kwiConfed Cup kulempelasonto, imidlalo yayo kusengenzeka iqedelwe ngoJuni ngoba kungekho lula ukudlala kathathu ezinsukwini eziyisikhombisa.
Ebuzwa ngalenkinga, ophethe ezabezindaba kwiPSL uFathuwani Mpfuni uthe kungenzeka imidlalo yeBics iqedelwe ngaphandle kwekhalenda lePSL kodwa basazama ukuthola isisombululo esizosebenzela wonke amaqembu.
“Sikhulumile namaqembu athintekayo, IRoyal AM, Maritzburg United neSuperSport United. Sixoxile sabeka izisombululo ngoba kuzoba nzima ukudlala Kulempelasonto ngenxa yePirates ezodlala kwiCAF. Nangempelasonto eyedlule akudlalwanga ngoba iBucs imatasa ngeCAF.
Sibeke izisombululo kumaqembu athintekayo. Uma iPirates ifinyelela kowamanqamu, okuyinto okubukeka izokwenzeka, lokho kuchaza ukuthi angeke iqedele imidlalo yeDSTV Premiership ngomhlaka 21,” kubeka uMpfuni.
UMpfuni uthi imidlalo yeBucs ephazamisekile angeke isihintshe lutho kwiligi njengoba ingoshampeni. Lemidlalo ayiphazamisi amaqembu asembangweni wezembe.
“Amaqembu amaningi azoqeda isizini ngesikhathi esifanele ngoMeyi 21 kodwa imidlalo yePirates izohlelwa kabusha. Uma iBucs ifinyelela kowamanqamu, angeke iqedele isizini ngomhlaka 21 kuMeyi ngoba umdlalo wamanqamu weConfed Cup uzodlalwa ngempela eyodwa,” kuphetha uMpfuni.