I-Orlando Pirates iqophe umlando izibekisela indawo kowamanqamu weNedbank Cup okwesithathu kulandelana ngemuva kokushaya iMarumo Gallants ngo 1-0 e-Orlando Stadium ngeSonto ntambama.

IPirates iwuqale kahle lo mdlalo ivalela igoli esiwombeni sokuqala, kukore uKabelo Dlamini ngemuva kwebhola elihle alifakelwe wuPatrick Maswanganyi ngomzuzu ka-22. Bekungokwesithathu uMaswanganyi eshaya i-assist emdlalweni emine kwiNedbank Cup.

IGallants ayiwatholanga amathuba atheni esiwombeni sokuqala ishayela unozinti weBucs, uMelusi Buthelezi, kanye kuphela.

Izinguquko ezenziwe wumqeqeshi weBucs, uJose Riveiro, zibeke ngokusobala ukuthi ucabanga ngomlenze wokuqala wesemifinal yeCAF Champions League nePyramids FC abazobhekana nayo ngoLwesihlanu eFNB Stadium.

Kulo mdlalo ubeke ngaphandle uSipho Chaine noRelebohile Mofokeng abajwayele ukuqala imidlalo.

Esiwombeni sesibili iGallants ithole ithuba eligle ngomzuzu ka-57 kodwa obekhahlela wahluleka ukugcwalisa kahle ishodi lakhe.

Umqeqeshi wenze izinguquko ngomzuzu ka-62 ekhipha uMohau Nkota noKabelo Dlamini wafaka uRelebohile Mofokeng noNdabayithethwa Ndlondlo.

Ngemuva kwalezi zinguquko iPirates ibisilokhe ingqongqoza ebhokisini leGallants kodwa yadlala ngamathuba abengasebenza.

Khonamanjalo, kukhona abalandeli be-Orlando Pirates abebenethemba lokubona uMonnapule Saleng okungenani noma ebhentshini emdlalweni wanamhlanje ngemuva kokufakwa kwesithombe sakhe ejima neqembu izolo emakhasini ezokuxhumana eBucs.

Okwamanje kuvela ukuthi lo mdlali usabuyisa ifitness, nePirates ayikathi vu ngodaba lwakhe.

IPirates izobhekana noyedwa phakathi kweKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns abazotholana phezulu eLoftus Versfeld namhlanje.