I-Orlando Pirates isithumele isicelo kwiSwallows FC esiqondene nesitobha uWandisile Letlabika.
ULetlabika ungomunye wabadlali ababalulekile kwiSwallows.
IGibela Sport isingaqinisekisa ukuthi iBucs isikhulumile nabaphathi beSwallows ibuza ngalomdlali.
ULetlabika ujoyine iziNyoni ngo-2020 esuka kwiBloemfontein Celtic. Lomdlali ubezitamuzela isikimu kusekhona uBrandon Truter. Nomqeqeshi olandelile uDylan Kerr ubemdlalisa uLetlabika.
IGibela Sport isithole ukuthi uLetlabika angakujabulela ukujoyina iBhakaniya kodwa isinqumo silele kwiSwallows.
IziNyoni zibhekene nenkinga yokuhluleka ukuholela abadlali, osekudale ukuthi zidayise abanye abadlali. UKamohelo Mahlatsi, Dillan Solomons noGeorge Matlou bajoyine iKaizer Chiefs. URuzaigh Gamildien noKhethukuthula Ndlovu basayine kwiRoyal AM.
IBucs isisayinise izitobha ezimbili uNkosinathi Sibisi noTapelo Xoki ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/23. Kuvela ukuthi ayiqedile ngokuqinisa udonga njengoba idedele uKwanda Mngonyama, Ntsikelelo Nyauza noHappy Jele.
IBucs iphunyukwe iqatha emlonyeni kwisitobha sase-Iraq uMustafa Nadhim ogcine engasayinanga ngenxa yokungayitholi ivisa. UNadhim ugcine esayine kwi-Al Faisaly yaseJordan.