Elinye lamaphephandaba ahlonishwayo eSuadi Arabia libika ukuthi uRelebohile Mofokeng uzojoyina uMohau Nkota maduze kwi-Al Ettifaq FC.
Ngokombiko leli qembu sekunesikhathi lixoxisana ne-Orlando Pirates ngokusayinisa uMofokeng, kanti kubukeka sekusondele.
“Imithombo yethu esondelene neqembu iveza ukuthi uRelebohile Mofokeng, okuwumdlali we-Orlando Pirates eNingizimu Afrika, sekusondele ajoyine iqembu ngemuva kokuvumelana ngokuzongena kwinkontileka yakhe,” kusho umbiko we-Al Yaum.”
Ukuvumelana ngenkontileka ne-Al Ettifaq nokho akusho ukuthi sekuphothulwe konke, ngoba kusafanele leli qembu livumelane nePirates ngemali yokuthenga uMofokeng, oshaye into ecokeme ngesizini edlule kwiBetway Premiership, CAF Champions League, nakwiBafana Bafana.
Kubikwa ukuthi sebevumelene ngemali ebalelwa ku-€1.5 million (R31 million) – okuyimali abaningi asebebone lolu daba ezinkundleni ezokuxhumana abathi iphansi.
Okungenza iPirates ivume ukuhlukana noMofokeng ngenani eliphansi wukuthi kungenzeka ukuthi icele kufakwe i-sell on clause, ezoqinisekisa ukuthi iyahlomula mhla edayiselwa elinye iqembu.