Ukuchithwa kwabadlali abaningi okwenziwe amaqembu akuPSL ngesonto kuhlukanise imibono, abanye bekhala ngokuthi isidingo asikho, abanye bethi kufanele ngoba iCovid-19 ikhahlameze amaqembu ezimalini.
Bekungakapheli ngisho amasonto amabili kugoqwe isizini ka-2021/22 kodwa amaqembu akuDSTV Premiership abesehlahlela izembe kubadlali.
AmaZulu adedelwe abadlali abangu-15, ISekhukhune United yachitha abangu-14. Akugcinanga lapho njengoba neKaizer Chiefs idedele abadlali abangu-11 ngesonto eliphelile. IMaritzburg United ikhiphe uhlu lwabadlali abayisikhombisa abadedelwayo.
Isibalo sabadlali abaphelelwe umsebenzi sinyukele ku-46 kanti kusekhona ukuthuka kubadlali bamanye amaqembu ababona kusegakhala izembe kulelisonto.
Kulindeleke ukuthi i-Orlando Pirates, Mamelodi Sundowns neRoyal AM bahlahlele nezembe ezikwatini zabo. Yize kukhona abadlali abazosheshe beyithole imisebenzi ngoba benesipiliyoni, abanye bazothwala kanzima ngoba behlushwa ukulimala neminyaka esihambile.
UMengameli weSouth African Football Players Union (SAFPU) uThulaganyo Gaoshubelwe uthi bebelindele ukusiza Inqwaba yabadlali ngokubatholela amanye amaqembu izinkontileka zabo zingakapheli.
“Sizoqhubeka nokulwela amalungelo abadlali. Kuyadabukisa ukubona abadlali belahlekelwa imisebenzi kodwa angeke siphikisane ngezinqumo zamaqembu angafuni ukwelula izinkontileka zabadlali.
Siyakwazi ukuxhasa ngosonhlalakahle, abadlali abasondele kithi sibasize. Kunzima ukulahlekelwa umsebenzi ungalindele.
Sijwayele ukubakhuthaza abadlali ukuthi babuze amaqembu kusakhanya uma bezokhululwa. Akufanele basabe ukusayina izinkontileka zesibambiso kwamanye amaqembu uma sekusele izinyanga eziyisithupha kwizinkontileka zabo. Lokho kuyilungelo lakhe umdlali futhi uyakwazi ukubalekela ukuphelelwa umsebenzi,” kubeka uGaoshubelwe.