IKaizer Chiefs neNational Soccer League (NSL) sebevumelene ngokuxoxisana ngaphandle kwenkantolo odabeni lweGlamour Boys engalubhadanga emidlalweni emibili yeDSTV Premiership ikhala ngokubheduka kwecovid-19 ekhempini yeqembu.
Udaba angeke lusaqulwa eNkantolo eNkulu yaseSouth Gauteng namuhla. IChiefs izovela phambi kwekomidi lePremier Soccer League eliqondisa izigwegwe eliholwa umehluleli uZola Majavu.
Udaba lusekhona kumarekhodi aseNkantolo eNkulu kodwa iJaji lizophasisa isinqumo sokuthi iChiefs neNSL baxoxisane.
INSL yafaka Amakhosi eNkantolo icela ukuba kubuyekezwe isinqumo sikamehluleli uNazeer Cassim owayalela iPSL ukuthi ihlele kabusha imidlalo emibili yeDSTV Premiership eyahlehliswa ngemuva kokusabalala kwecovid-19 kwikhempu yeChiefs. IGlamour Boys kwakufanele idlale neLamontville Golden Arrows neCape Town City.
IChiefs eyakhahlamezwa izibalo ezingu-31 zecovid-19 ekhempini yeqembu, yafaka isicelo sokuhlehlisa imidlalo yomibili kwiPSL ngoDisemba. Isicelo seChiefs sachithwa ikomidi eliphezulu lePSL.
IChiefs izobhekana nolaka lwekomidi eliqondisa izigwegwe, okungenzeka ihambe ngomthetho weNSL. Imithetho yeNSL ukubeka kucace ukuthi iChiefs ingaginqelwa yomibili imidlalo, iCity ne-Arrows banqobe ngo 3-0 kalula.
IChiefs yahlulwa ngo 2-1 kuyona yomibili imidlalo eyadlalwa ngo-Ephreli. Uma ikomidi likhipha lesinqumo, lokhu kuzokhahlameza isibalo samagoli seChiefs kwiligi. Kungenzeka iphinde ihlawuliswe imali iChiefs.