Inkakha yaseGibhithe u-Ahmed Hossam Mido ubona uPitso Mosimane enethuba elihle lokuqeqesha emazweni aseGulf njengoba eseshiyile kwi-Al Ahly.

UMido uncome uPitso ngokunyusa izinga kwi-English Premier League.

UPitso usule esikhundleni ngoMsombuluko. Usemataniswa namaqembu amaningi eGulf naseNingizimu Afrika kodwa imenenja yakhe uMoira Thlagale uthi alikho iqembu elinesivumelwano noPitso.

Abezindaba eGibhithe babika ukuthi lomqeqeshi uzolibangisa eGulf, kanti noMido ubona kanjalo.

“UPitso unesivumelwano neqembu laseGulf. Uzoqala umsebenzi omusha ezinsukwini ezilandelayo,” kusho uMido ekhuluma nabeKingfut.

UMido uncome uPitso ngempumelelo ayilethe kwi-Ahly, wabeka ukuthi ubengaswazani nabanye abadlali eqenjini.

“UMosimane ulethe impumelelo kwi-Al Ahly, kodwa ubengaswazani nabanye abadlali ngenxa yokukhuluma kabi ngabo kwabezindaba. Ngidlulisa ukubonga kuPitso ngempumelelo yakhe kwi-Al Ahly, ulinyusile izinga kwi-Egyptian Premier League,” kubeka uMido.

UPitso uhole iqembu emidlalweni engu-97, wahlulwa amahlandla alishumi kuphela. Unqobe izindebe ezinhlanu eqenjini, okubalwa kuzo iCAF Champions League kabili.