Isiqumama esizalelwe kuleli kodwa esesihlala e-United States, u-Elon Musk, sibhale ekhasini laso kwiTwitter sathi sizothenga iqembu elidonsa ngodizili kwiPremier League njengamanje iManchester United.
Lo somabhizinisi ubalwa kwi-top 5 yabantu abanemali ukudlula abanye emhlabeni. Ngokohlu lweForbes, uhleli esicongweni uma eqhathaniswa nabanye omacaphuna kusale.
UMusk, ongumnikazi wenkampani ekhiqiza izimoto zikagesi, iTesla, usanda kungena ematheni ngokuzama ukuthenga uTwitter, kodwa wajike washaya ungqimphothwe esevumelene nabanikazi bawo wathi ngeke esawuthenga. Kulokhu uMusk usheshe wacacisa ukuthi ubezidlalela, akazimisele ngokuthenga iqembu lezemidlalo. Usho lokhu sekudlule amahora angaphezulu kwamahlanu abantu becela ukuthi accise ukuthi gabe uyadlala yini ngoba sebeyamazi.
Abalandeli be-United bafuna ukubona izinguquko eqenjini labo kulandela iminyaka engaphezulu kwemihlanu libhacaza kwiPremier League nase-Europe. Amathemba abo asekudayisweni kweqembu ukuze lizotakulwa iziqumama njengoba kwenzeka kwiChelsea, Manchester City nakwiLiverpool.
Abanye abalandeli be-United bese bemcela ukuthi ayithenge ngempela noma ebedlala, ngoba iyiqembu elikhulu kunawo wonke emhlabeni webhola, ngokusho kwabo, futhi uzozuza okuningi kwezamabhizinisi.
UMusk nokho ugcine eyibambe ekutheni ‘andizi’.