Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uthi ubengakhipha okungenani abadlali abayisithupha esiwombeni sokuqala ukube bekuya ngaye emdlalweni wabo neSuperSport United njengoba egcine ekhiphe uPule Mmodi kuphela.

IChiefs ibhonywe yiSuperSport ngo 4-1 koweligi ngoLwesibili ebusuku okuphoxe abalandeli bayo abaningi njengoba iwinile ngempelasonto koweNedbank Cup.

Kulo mdlalo uNabi ukhiphe uMmodi esiwombeni sokuqala wafaka uMduduzi Shabalala. Bekucacela ngisho ingane ukuthi iChiefs ibhekene nenkinga ngasohlangothini lukaMmodi noBradley Cross, ogcine ekhishwe esiwombeni sesibili.

“UMmodi akaphumanga ngoba sishintsha amaqhinga. Ngibone abadlali bami abaningi behluleka ukungena emdlalweni,” kusho uNabi ekhuluma nabezindaba.

“Ukube bekungenzeka, bengingashintsha abadlali abayisithupha noma abayisikhombisa esiwombeni sokuqala.

“Ngibonile ukuthi uMmodi ukhathale ngemuva kwendlela adlale ngayo emdlalweni odlule. Namhlanje ngibone zisuka ukuthi ukhathele.

“Bekusifanele ukudliwa namhlanje noma umphumela ubuhlungu.”