Iqembu elishaye udaka ngesizini edlule kwiSerie A, iNapoli, lihlela ukuqinisa isikwati ngomgadli waseBelgium osephenduke umantunta-nendishi uRomelu Lukaku.
INapoli, ebingompetha beSerie A ngesizini ka-2022/23, yehlile ezingeni ngesizini edlule ngenxa yezizathu ezihlukene okubalwa kuzo ukuhamba komqeqeshi kanye nokuhluleka kwabaphathi ukuqinisa iqembu ngabadlali abasha abasezingeni elifanele.
Igcine iqede kunombolo 10 ngesizini edlule, okusho ukuthi ngeke idlala kwimqhudelwano ye-UEFA.
Leli qembu limemezele u-Antonio Conte njengomqeqeshi omusha ekupheleni kwesizini edlule, kanti kulindeleke ukuthi alibuyesele endaweni eliyifanele.
Njengoba kunezindaba zokungenami komgadli waseNigeria uVictor Osimhen, uConte kuthiwa uzimisele ngokuqinisa isikwati sakhe ngoLukaku, obebolekwe iRoma ngesizini edlule njengoba esawumdlali weChelsea FC namanje.
I-agent yebhola ehlonishwayo e-Italy uMorabito yazise iNapoli Magazine ukuthi uLukaku usendleleni ebheke kwiNapoli.
“Ngisho ngabe kuthiwa uyahlala u-Osimhen, lo mdlali uyeza kwiNapoli.”
INapoli ibhekene nomqansa odabeni lokudayisa u-Osimhen njengoba sesehlile isibalo samaqembu amfunayo. Njengamanje ubhekwe yiPSG kuphela, kodwa ngokwemibiko yakamuva nayo ayizimisele ngokukhokha imali efunwa yiNapoli.
Khonamanjalo, izoqala ngo-August 17 iligi yeSerie A. INapoli izobhekana neVerona ngo-August 18 emdlalweni wayo wokuqala.