Umgadli oshaye amagoli amabili anqobise iBanyana Banyana indebe ye-Africa Women’s Cup of Nations (WAFCON) uHildah Magaia uthi ukunakwa komunye umgadli uJermaine Seoposenswe yikhona okumvulele isikhala sokuqeda ngeMorocco emdlalweni wamanqamu.

UMagaia uzakhele umlando ebholeni laseNingizimu Afrika eshaya amagoli amabili esiwombeni sesibili ngesikhathi iBanyana ixebula osokhaya iMorocco ngo 2-1 eRabat ngoMgqibelo.

INingizimu Afrika ibiqala ngqa ukunqoba iWAFCON emlandweni.

“Abadlali beMorocco banake uJermaine kakhulu, lokho kunginikeze ithuba ngoba bebengalindele ukuthi ngizoshaya igoli.
Abadlali banake uJermaine ngoba uyathusa, mina ngisebenzise lelothuba. UJermaine ube nomdlalo omuhle, wangiphasela igoli lokuqala,” kubeka uMagaia.

UMagaia usezinze eSouth Korea neSejong Sportstoto. Lomdlali ubengukaputeni weTUT Ladies ngaphambi kokusayina neqembu lase-Europe.

Uthi wafikelwa umunyu eshaya igoli lesibili ngoba yilona elaqinisekisa ukuthi bayayinqoba iWAFCON.

“Ngajabula kakhulu sengishiya igoli lesibili. Ngafikelwa umunyu. Igoli lesibili laliqinisekisa ukuthi singoshampeni beWAFCON. Ngacabanga izinto eziningi kuloyamzuzu. Ngibonga noMdali ngokuphika kwami,” kubeka uMagaia.

UMagaia uthi usafuna ukubuyela e-Europe yize konke kusamhambela kahle eSouth Korea.

Lomdlali ujoyine iSporstoto ngoMashi esuka kwiMoron BK edlala esigabeni sesibili eSweden.

“Angeke ngiqinisekise ukuthi ngizohlala unomphelo eSouth Korea. Ngisafuna ukubuyela e-Europe. Ngizogxuma ngihlale uma kuvela ithuba elihle e-Europe. Alikho iqembu eselikhulume nami futhi ngisanda kujoyina eSouth Korea. Angijahile ukuhamba,” kubeka uMagaia.