Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi abadlali kufanele bangayisabi iMorocco abazodlala nayo kowokuhlungela i-AFCON 2023 eRabat ngoLwesine oluzayo.

IBafana izobhekana ne-Atlas Lions eshaya ngezibabuli zabadlali abayibamba kumaligi ahlonishwayo emhlabeni. IMorocco, ekleliswe endaweni yesibili e-Afrika, izodlala phambi kwezinkumbi zabalandeli bayo eRabat.

“IMorocco iyiqembu elisezingeni, kulula ukuthola ulwazi ngayo ngoba sekukhona ubuchwepheshe. Sesibuke imidlalo eminingi yeMorocco, siyabazi abadlali bayo. Sinalo icebo lokubavimba, sizobona ukuthi icebo lethu lizophumelela yini.

Siyakwazi okufanele sikwenze. Kubalulekile ukuthi singasabi, sizethembe emdlalweni. Kuzoba ngcono sihlale eNingizimu Afrika kunokuthi silibangise eMorocco sithukile. Kufanele sizethembe thina kuqala,” kusho uBroos ekhuluma nabezindaba.

UBroos wenze umzekelo ngeNorth Macedonia eyathusa abalandeli bebhola abaningi ikhipha i-Italy emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba. Uthi neBafana ingayishayela esibayeni sayo iMorocco.

“Singayishaya iMorocco, buka umzekelo weMacedonia. Wawungeke ubheje ngisho ngerandi elilodwa (R1) ukuthi iMacedonia ingashaya i-Italy. Wawuzophika. Nathi sinethuba lokuyishaya iMorocco,” kubeka uBroos.

Lomqeqeshi uthe ukubhaxabulwa iFrance ngo 5-0 kubashintshe imiqondo abadlali, bazokwazi ukumelana nengcindezi yokudlala enkundleni egcwele phama.

“Abantu abangu-50 000 babecula icuko lesizwe laseFrance ngaphambi komdlalo. Nami ngathuka kancane, abadlali babengayazi leyonto. Angeke besathuka manje.

Ukudlala neFrance kwaba yinto enhle. IMorocco izokwesekwa abalandeli abaningi kodwa sizozama ukudlala ibhola lethu, sizokwenza abalandeli bayijikele iMorocco,” kubeka uBroos.