Imenenja kaDillon Solomons ithi iRoyal AM ayikaze ikhulume naye njengoba oyisikhulu seqembu uSinky Mnisi esevuse izinsolo ngalomdlali.
UMnisi ubekhuluma no-Andile Ncube ohlelweni lweSports Nights Amplified ngoLwesibili.
UMnisi uthe kusazovela amaqiniso odabeni lukaSolomons osayine kwiKaizer Chiefs.
USolomons wethulwe njengomdlali omusha weChiefs ngoMsombuluko, wasayina inkontileka yeminyaka emine.
Ekhuluma nabeDiski Times, uGrant Nieuwenhuys weGN Sports uthi inkulumo kaMnisi ishaya eceleni.
“Angeke ngiyinake indaba kaMnisi. Usho kanjani ukuthi usayine umdlali ekubeni uphethwe yini iminyaka eyisikhombisa. Asikaze sithole ucingo kwiRoyal AM, angazi ukuthi uMnisi ukhuluma into ebhekephi. Asikaze sixoxe neRoyal AM.
IChiefs yenze izinto ezifanele, ilandele umthetho. Sithole izingcingo eziningi kwi-Orlando Pirates kodwa asikaze sikhulume neRoyal AM. Ungamsayinisa kanjani umdlali ongakhulumanga naye? A kulungile ukukhuluma kukaMnisi. Sizomvikela uDillon ngoba uyaphazamiseka manje.
UDillon usayine eqenjini elikhulu, lokho okwenzeka manje akulungile. Kufanele akhulume nomuntu ayexoxe naye ngoba akakhulumanga neGN Sports Agency emele umdlali. Akulungile neze. Ngiyaqinisekisa ukuthi iRoyal AM ayikaze ikhulume nathi. Angazi ukuthi bakhulume nobani kwiSwallows kodwa abakhulumanga nathi,” kubeka uNieuwenhuys.
UNieuwenhuys uthi inkampani yakhe ayikaze ixhumane noMnisi noma ezinye izikhulu zeRoyal AM.
“Angikaze ngithole ucingo kuMnisi noma komunye umuntu osebenza kwiRoyal AM ezinyangeni ezimbili ezedlule. Ngifonelwe iKaizer Chiefs kanye ne-Orlando Pirates, amanye amaqembu akhulumile nami, angeke ngiwasho ngamagama.
Angiboni kulungile okukhulunywa uMnisi ngoba umdlali uyaphazamiseka manje uma esebona izinto ezibhalwe kwabezindaba ezingelona iqiniso. Ubudedengu obenziwa uMnisi,” kusho uNieuwenhuys.