UMoira Thlagala, oyimenenja kaPitso Mosimane uthi akakhathazekile nakancane ngomhlangano obuhlelwe yibhodi le-Al Ahly ngoLwesibili kudingidwa izindaba ezithinta iqembu.

I-Al Ahly ibambe umhlangano noPitso kudingidwa amalungiselelo emidlalo elandelayo yeligi esazodlalwa.

Umhlangano ububanjwe kwiZoom kwazise uPitso useMorocco okwamanje uphothula iziqu zeCAF Pro License. I-Ahly iqinisekise ukuthi kusekhona umhlangano ozobanjwa ngoLwesihlanu uma uPitso esebuye eMorocco. Abezindaba eGibhithe bathole isikhathi sokuqagela ngalesitatimende.

“Kujwayelekile ukuthi i-Al Ahly ibambe umhlangano nomqeqeshi. Kuuqala ngqa ukuthi umhlangano kukhulunywe ngawo esidlangalaleni. Angikhathazekile ngomhlangano. UPitso usehole iqembu emidlalweni engu-94 futhi uyayiwina imidlalo eminingi. Umqeqeshi nethimba lakhe bashaye umsebenzi oncomekayo.

Inkontileka kamqeqeshi yeluliwe. Iqembu lamemezela nathi sakhipha esethu isimemezelo. Sinobudlelwano obuhle neqembu, bayamhlonipha umqeqeshi nathi siyajabula ngethuba elihle elitholwe umqeqeshi lokuhola iqembu elikhulu njenge-Al Ahly.

Kujwayelekile ukuthi agxekwe umqeqeshi, akusibona bonke abalandeli be-Ahly. Angeke bakuthande bonke abantu kodwa okungixakayo ukubona abantu bebhala kabi ngomqeqeshi, bethi uyimfundamakhwela.

Izindebe azinqobile ziyamkhulumela. Ushaye into ecokeme kakhulu kulezinyanga ezingu-20 ezedlule. UPitso Mosimane usahlulwe emidlalweni engu-9 kuphela, imiphumela iyazikhulumela,” kubhalwe esitatimendeni seMT Sports esithunyele kwabezindaba.