Abalandeli beKaizer Chiefs abazifelayo ngomgadli uSamir Nurkovic izobathokozisa inkulumo edalulwe imenenja yalomdlali uDajan Simac.
USimac uthi asikho isivumelwano neRoyal AM.
NgoLwesine, iphephabhuku elidumile kuleli iKickoff libike ukuthi uNurkovic usesayine inkontileka yesibambiso neRoyal AM. Bekubikwe ukuthi lomdlali uzoqala ukubonakala kwiThwihli Thwahla ngesizini ezayo.
“IKickoff isingaqinisekisa ukuthi uNurkovic waseSerbia usesayine neRoyal AM. UNurkovic usayine inkontileka yeminyaka emibili enombandela wokwelulwa ngomunye unyaka,” kubhala leliphephabhuku.
Ekhuluma nabeSABC Sport, uSimac uthi uyayiqabuka indaba kaNurkovic neRoyal AM.
USimac uthe uNurkovic wasayina inkontileka enombandela wokwelulwa ngonyaka owodwa kwiChiefs. Uthe seziqalile izingxoxo mayelana nokwelulwa kwenkontileka kaSamir.
“Akulona iqiniso lelo. Maningi amaqembu agaqele uSamir kodwa usengumdlali weChiefs, sisaxoxisana neqembu ngekusasa lomdlali. Anginayo ulwazi ngamahebezi akhomba ukuthi uzojoyina iRoyal AM,” kusho uSimac