Oyisikhulu se-Orlando Pirates uFloyd Mbele usechaze kabanzi ngodaba lukaThabang Monare osebuyile eqenjini yize wayebekwe ohlwini lwabadlali abahambayo eMayfair.

UMonare wayesohlwini lwabadlali abachithiwe eqenjini, kwabikwa ukuthi akavumelananga neqembu ngenkontileka.

Kwenzeka inkiyankiya sekuvela ukuthi uMonare usebuyele ejimini neBucs yize kwamenyezelwa ukuthi udedeliwe. Akuphelanga isikhathi eside, nomdlali waqinisekisa ukuthi usengumdlali weBhakaniya.

NgoLwesihlanu, igama likaMonare livelile ohlwini lwabadlali ababhaliswe yiqembu kulesizini Ka-2022/23. UMbele ukubeke obala ukuthi imenenja yomdlali iyona eyayidonsisa izingxoxo, yagcine ingabuyelana eqenjini nempendulo ecacile.

UMbele ubekhuluma noSkepe Matsebane ohlelweni lwemidlalo kwiPower FM.

“Izingxoxo zabhuntsha nemenenja kaMonare. Sakhuluma ngodaba lwemidlalo etholwe umdlali ngesizini ebiphelile. UMonare ubengekho ezingeni eliphezulu ngesizini ephelile, iqembu lalikhulumela phezu kwaleyondaba.

Asikaze sikhulume ukuthi uMonare uzohamba eqenjini. Inkontileka yakhe yayizophela, sathumela inkontileka entsha kwimenenja yakhe ukuze izoyidlulisela kumdlali.

Imenenja ayibuyanga kithi nempendulo. UThabang wayengenalo ulwazi lokuthi sikhuluma nemenenja yakhe ngenkontileka entsha. Ukungaphenduli kwemenenja kwaphoqa ukuthi sithathe isinqumo.

UThabang wangibuza ukuthi kungani ededeliwe ngoba akanalo ulwazi ngezingxoxo zenkontileka. Samkhombisa inkontileka esayithumela kwimenenja yakhe, wasayina khona lapho, kuyimanje ubuyile eqenjini,” kuchaza uMbele.