IGibela Sport isihabule ngemithombo yayo ethembekile ukuthi imenenja kaDumisani Zuma uzama ngokusemandleni ukutholela lomdlali imvume yokumkhulula eNaturena.
UZuma akabonakali ejimini namanje, kulandela ukumiswa kwakhe ekuzibandakanyeni neqembu ngesizathu sokufika ekhempini yeqembu edle amanzi amponjwana.
Ngesikhathi emiswa uZuma, imenenja yakhe uBasia Michaels yachazela abakwaSABC Sport ukuthi abatshelwanga lutho ngesimemezelo seChiefs.
IChiefs ayiphindanga yakhuluma ngodaba lukaZuma kusukela ngomhlaka 2 kuMeyi. Kuvela ukuthi iChiefs isaqhuba imihlangano ngenhloso yokuqondisa uZwane izigwegwe.
UZuma wamiswa yiGlamour Boys ngoNovemba wangonyaka odlule ngoba wayesolwa ngokufika ejimini ephuzile. Iqembu lakhipha isinqumo sokuthi uZuma athole usizo longoti.
Kuvela ukuthi imenenja kaZuma isiqale izingxoxo neChiefs ngenhloso yokuthola imvume yokumkhulula eqenjini.
Ebuzwa ngodaba lukaZuma, uMichaels ubeke kanje.
“Kunzima ukuphendula lombuzo ngoba abezindaba bajwayele ukukhipha izimemezelo kungakaqinisekiswa lutho. Sisalungisa indaba yokuqondisa kwezigwegwe, ngicela usinikeza isikhathi. Ngiyazi ukuthi isinqumo angeke simjabulise uZuma kodwa kusengenzeka noma yini,” kusho uMichaels.
UMichaels uthi isamcasula indaba yokukhishwa kwesimemezelo ezinkundleni zokuxhumana, ekubeni yena engatshelwanga lutho.
“IChiefs izokwazisa abalandeli uma sekukhishwe isinqumo. Kuyenzeka nathi singatshelwa lutho. Sesilinde isikhathi eside mayelana nodaba lukaZuma,” kusho uMichaels.