Imenenja kaGabadihno Mhango isidalule izindaba ezithusayo ngalomdlali obekuvela ukuthi uyashiya kwi-Orlando Pirates uma kuphela isizini.

UMike Makaab uthi iBucs iqoke ukuyelula inkontileka kaMhango njengoba ibikade inombandela wokwelulwa.

Uthi uphinde wabamba umhlangano noSihlalo weqembu u-Irvin Khoza, bavumelana ngokumdedela uMhango uma kuvela iqembu elizimisele ngaye.

“Ngaphambi kokuthi siqale ukukhuluma ngesizini ezayo, ngingakubeka kucace ukuthi i-Orlando Pirates isiyivuselelile inkontileka kaMhango, okuchaza ukuthi usazohlala amanye amasizini amabili,” kusho uMakaab obekhuluma nomsakazo iGagasi FM.

UMhango unyiwa yibhentshi kwiBucs selokhu kuqale isizini. Akusizanga ngisho eseshaya into ecokeme kwi-Africa Cup of Nations neMalawi ngoJanuary. IMalawi yakhishwa yiMorocco kwi-last 16 kodwa uMhango waphuma namagoli amabili kulomqhudelwano.

UMhango usabonakale emdlalweni elishumi kuphela kulesizini, okuyinto esiqinise imibiko yokuthi uzoshiya ekupheleni kwesizini. Lomdlali ungenile emdlalweni weCAF Confederations Cup iBucs ishaya iSimba SC sekukhahlelwa amaphenathi kuma-quarterfinals. Naye uMhango wayishaya iphenathi.

“Besivele sinolwazi lokuthi inkontileka yakhe izokwelulwa. Kodwa ngihlalile noSihlalo, wangicacisela ukuthi bazomdedela uMhango uma kukhona iqembu elibeka imali ebonakalayo etafuleni.

Ngikhulumile noMhango, uzimisele ngokudlalela iPirates kuze kuphele isizini. Uzozimisela njengabanye abadlali. Kufanele asebenze njengabanye abadlali eqenjini,” kuchaza uMakaab.