Imenenja yePro Sport International uMike Makaab umgadli osemncane we-Orlando Pirates uBoitumelo Radiopane unekhono elihle elingambeka kumaligi ahamba phambili emhlabeni.

URadiopane uqede isizini ka-2021/22 engumshayimagoli ohamba phambili kwiDSTV Diski Challenge, wanqoba nomklomelo womdlali ovelele.

Ubonakale amahlandla amane eqenjini elikhulu, kodwa nabalandeli sebeqalile ukukhalaza ngokunganakwa kukaRadiopane obevutha engabaselwe kulesizini ephelile.

Amagoli angu-24 akawashaye kwiDiski Challenge amdonsele amehlo kahodoba wemenenja uMakaab wePro Sport International.

Lesitebele siphethe abadlali abaningi eNingizimu Afrika, ukusayina kuso kungenzeka kumvulele izindlela uRadiopane.

“Kubalulekile ukwesekwa yiqembu, sinethemba elikhulu ngekusasa lakhe. Sifuna akhule ngokwebhola, afinyelele ezingeni lomdlali ohamba phambili eNingizimu Afrika. Ngithemba nokuthi uzofika e-Europe uma sekufike isikhathi.

Kubalulekile ukubheka indawo azophelela kuyona umdlali uma esemncane ngokweminyaka. Kufanele sibonisane nomdlali, umndeni wakhe kanye neqembu (Orlando Pirates) ngendlela okufanele ayithathe ukuze ezogcina elifezile iphupho lakhe lokuyodlala e-Europe.

Lokho kubaluleke kakhulu uma sesithatha izinqumo ngoRadiopane. Siyajabula ngokumbhekela amathuba siyiPro Sport,” kubeka uMakaab ekhuluma nabeGagasi FM.

UMakaab uthi kunezingqinamba ezivimbela abadlali ukuthi bathole isikimu emaqenjini amakhulu njengeBucs kodwa uhlalele ethembeni lokuthi bazothatha isinqumo esizosiza umdlali uqobo.

“Umdlali uzobonisana nePirates kanye nomndeni wakhe ngaphambi kokuthatha isinqumo. Akhona amacebo enginawo ngekusasa likaRadiopane,” kubeka uMakaab.