Imenenja kaDumisani Zuma ichitha amahebezi akhomba lomdlali kuMaZulu njengoba esededeliwe yiKaizer Chiefs emsola ngokuba yihlongandlebe.
UZuma udedelwe kusasele unyaka owodwa kwinkontileka yakhe.
Kuke kwavela ukuthi Usuthu lumgaqele lomdlali njengoba lubumba isikwati sesizini ka-2022/23.
UBasia Michaels, onakekela izindaba zikaZungu uthi asikho isivumelwano abanaso naMaZulu.
“Angikaze ngixhumane naMaZulu, uMengameli waMaZulu akazange akhulume nami ebuzwa ngoZuma. Angiphiki ukuthi umdlali engaya kuMaZulu ngoba sekungenzeka noma yini njengoba ededelwe iKaizer Chiefs.
Kuseningi okudinga ukulungiswa kodwa iqiniso ukuthi angikaze ngixhumane noyedwa umuntu osebenza kuMaZulu,” kubeka uMichaels.
UZuma ushaye amagoli angu-12 emidlalweni engu-133 selokhu afika esigabeni esiphezulu seDSTV Premiership.