Imenenja yePro Sport International uMike Makaab useveze ukuthi iLamontville Golden Arrows izimisele ngokudayisa izethenjwa zeqembu uKnox Mutizwa noNkosinathi Sibisi uma amaqembu a agaqele ezobeka imali eyanele etafuleni.

UMutizwa (28) noSibisi (26) bayizinsika kwi-Arrows kwazise nasemaqenjini esizwe bajwayele ukubizwa.

IGibela Sport ibikile ngaphambilini ukuthi uMutizwa ufunwa iCape Town City. Kuvela ukuthi naye lomdlali usemagange ngokuthola iqembu elisha azobhakuzisa kulo inethi. Ushaye amagoli angu-49 emidlalweni engu-165 kuBafana Bes’thende.

UMakaab uvumile ukuthi kunamaqembu afuna uMutizwa kodwa akafunanga ukuwadalula ngamagama.

“UMutizwa usele nonyaka owodwa kwinkontileka anayo neGolden Arrows. Ngiyathemba ngisazohlangana noSihlalo uMato Madlala, kungenzeka ahambe uKnox uma kuvela iqembu elizimisele ngaye. Kufanele kube yisinqumo esilungele umdlali neqembu lakhe. Kuzothatha isikhathi, angeke kusheshe,” kubeka uMakaab obekhuluma emsakazweni iGagasi FM.

USibisi umataniswa neMamelodi Sundowns kanye ne-Orlando Pirates. UMakaab uthi ulumene indlebe noMadlala, kwaphuma isinqumo sokuthi uSibisi uzovunyelwa ukuhamba uma kuvela iqembu elikhuluma ngemali ecacile.

“USibisi uyingxenye yezinhlelo zeGolden Arrows kodwa uSihlalo uyabona ukuthi uselisebenzele isikhathi eside iqembu. Uma kuvela iqembu elikhuluma into ecacile, uSihlalo uzomdedela kalula,” kubeka uMakaab.