Umqeqeshi weMaritzburg United u-Ernst Middendorp ukhale ngezinga eliphansi elikhonjiswe iqembu lakhe linenebulwa yi-Orlando Pirates ngo 4-1 ngoMgqibelo e-Orlando Stadium.

“Bekunzima kakhulu uma sekumakwa, sibhacazile. Sihlulekile ukulwela ibhola. Besingakwazi ukudlala ibhola ezikhaleni ezivulekile, angazi kubhede kuphi.

Kodwa ngizolincoma iqembu ngokuzimisela kwalo, kushintshe izinto eziningi, siphuma kunombolo 11 no-12,” kubeka uMiddendorp.

Kubukeka kuzoshintshwa inqwaba yabadlali eqenjini njengoba kuzoqala isizini entsha. Kuvela ukuthi kuzodedelwa uNazeer Allie (37) noClayton Daniels (37) abaphelelwa yizinkontileka ngoJuni.

UMiddendorp akafunanga ukuphawula ngodaba lwabadlali abaphelelwa yizinkontileka.

“Ngiyafisa ukube bengingakunikeza impendulo kodwa angeke ngikwazi. Sivumelene ngokuvika izembe ekuqaleni kwesizini. Kukhona iningi labadlali abaphelelwa yizinkontileka ngoJuni. Isivumelwano besime kanjalo kuqala isizini. Angikaze ngixhumane nabaphathi ngaloludaba,” kubeka uMiddendorp ekhuluma nabezindaba.

UMazinyo ujabuliswa ukufika kweRichards Bay kwiDSTV Premiership, ubona kuzokwanda imidlalo eKwaZulu-Natal, kunokulibangisa kwezinye izifunda we okuyinto ethatha isikhathi eside.

“Ukuhambela ezinye izifunda kunzima ngoba uhamba njalo ezinsukwini ezintathu. Siyajabula ngoba sekukhona amaqembu amahlanu KwaZulu-Natal. Ngiyayibongela iRichards Bay ngokungena kwiPremiership.

Angijabule ngokushaywa yiPirates kodwa sikwazile ukufeza izinhloso zethu. Kujwayelekile ukuthi amaqembu abhacaze uma esezifezile Izinhloso zesizini,” kubeka lomqeqeshi.