IMaritzburg isikuqinisekisile ukuthi umqeqeshi u-Ernst Middendorp ukhonjwe indlela eqenjini.

Kuthuke abaningi kuxoshwa uMiddendorp ngoLwesibili ebusuku kwazise usize iqembu lavika izembe kulesizini.

“IMaritzburg United isimdedelile umqeqeshi u-Ernst Middendorp. UMiddendorp ojoyine iqembu ngoNovemba 2020, ubeke iqembu kunombolo 12 kwiligi, okuyindawo engabukeki kahle. Iqembu belivika izembe isizini yonke,” kubhalwe kwisitatimende seqembu.

USihlalo weqembu uFarouk Kadodia ubeke kanje:

“Sibambe umhlangano nebhodi leqembu. Ibhodi liphoxekile ngemiphumela yeqembu kulesizini yize kuthengwe abadlali abasha.

Sifake imali eningi eqenjini kuleminyaka emibili eyedlule, ibhodi libona kungekho kuhle uma sijwayele ukuvika izembe njalo. Sithathe isinqumo sokwenza izinto ngokuhlukile, sizobumba iqembu elizodlalela ukuwina eminyakeni emithathu ezayo, yingakho simdedelile uMiddendorp.

Siyabonga kakhulu ku-Ernst ngokusiza iqembu eminyakeni engu-13 ayihlalile, simfisela okuhle kodwa ngekusasa lakhe,” kubeka uKadodia.