Omacaphuna kusale, iManchester City, sebekuchithile ukuthi isibabuli somdlali wasePortugal, uBernado Silva, ubheke kwiBarcelona. Ngasekuqaleni kwaleli sonto kube nemibiko eveze ukuthi iCity isivumile ukudayisela iBarcelona lo mdlali oneminyaka ewu-28.

IBarcelona, enenkinga yezimali futhi engakababhalisi abadlali bayo abahlanu abasha, kuthiwa izimisele ngalo mdlali kanti nomqeqeshi wayo uXavi useke waphumela obala ngokumthanda lo mdlali.

Nyakenye, uSilva uke wazwakalisa isifiso sokuyodlala eSpain ukuze asondele nezwe lakubo elinesimo sezulu esingcono kakhulu nesaseManchester e-England.

ICity isikuchithile ukuthi ivumelne neBarcelona kuleli windi, kodwa kusangenzeka lo mdlali ahambe uma kuphela isizini uma iBarcelona ilungisa inkinga yekence ebhekene nayo. Umengameli weBarcelona usazama ukudayisa abadlali ukuze iqembu lizokwazi ukubhalisa abadlali okubalwa kubo uRobert Lewandowski noJules Kounde ngaphambi komdlalo neRayo Vallecano ngeSonto.

Kuleli sonto uphumele obala wathi uFrenkie De Jong akafuni ukuhamba kuleli qembu nabo abasazimisele ngokumdayisa nakuba kunamaqembu, okubalwa kuwo iChelsea neMan United, amshelayo. Abanye abadlali abakwiBarca nabo bayanqaba ukuhamba njengoba iqembu libakweleta.