Iphephandaba lezimidlalo elevate ukubika ngezithinta ibhola e-Europe libika ukuthi iManchester United ishaye phansi ngonyawo iBarcelona icela ukunikezwa noHarry Maguire uma leli qembu selithenga umdlali wasesiswini uFrenkie de Jong. 

Zisaqhubeka izingxoxo phakathi kweMan United neBarcelona ngoDe Jong. IBarcelona kuthiwa izimisele ngokubuyisa yonke inkece eyayisebenzisa ithenga lo mdlali kwi-Ajax (£85m), i-United izama ukusehlisa lesi samba.

IThe Sun isiveze ukuthi iBarcelona ike yacela ukuthi kufakwe ukapteni we-United uma isidayisa uDe Jong kodwa kwanqaba u-Erik ten Hag othe usafuna ukusebenza nefriji. 

IBarcelona isenkingeni yezimali, ayikwazi ukusayinisa abadlali efisa ukubasayinisa njengamanje okusho ukuthi izothembela kuma-free agent nabadlali ezobathola uma ivumelana namaqembu azama ukuthenga kuyo. Emuva ihlela ukudedela obewukapteni weqembu uGerard Pique noClement Lenglet. USamuel Umtiti naye kuthiwa uyahamba ubuyela eFrance. Lokhu kusho ukuthi kuzovuleka izikhala ezintathu kubadlali basemuva, iBarcelona ayinayo imali yokuvala lezi zikhala.