IManchester United iyaqhubeka nokushaya ngonyawo olusha emakethe yokuthenga abadlali njengoba isihlwithe iReal Madrid umdlali waseFrance ebisivumelene naye, uLeny Yoro.
UYoro, oneminyaka engu-18, kuthiwa ubheke e-Old Trafford namhlanje ukuze kwenziwe imedical njengoba i-United isivumelene neLille.
Lo mdlali oyibamba emuva kanti indlela adlala ngayo iqhathaniswa nekaVirgil van Dijk ngesikhathi esazakhela igama kwiCeltic nakwiSouthampton, engakathengwa yiLiverpool.
Ompetha beLaLiga iMadrid nabo bese bevumelene ngokomlomo nalo mdlali. Ngenxa yalokho iMadrid ibingazimisele ukukhipha imali eningi, kuthi ibeke imali elinganiselwa ku-€30m. I-United ngakolunye uhlangothi ibeke u-€50m, okwenze iqembu livume isicelo sayo, lakhuluma nomdlali washintsha umqondo ngokuya eSpain.
IMan United yenze okufanayo nangesikhathi isayinisa umgadli omusha uJoshua Zirkzee kwiBologna. Lo mdlali ubesebheke kwi-AC Milan futhi esevumelene nayo, kodwa kwaba nokungaboni ngasolinye ngemali yama-agent, yangenga kanjalo i-United yamhlwitha.
Ukusayiniswa kwalo mdlali kungasho ukuthi i-United ngeke isaqhubeka nemizamo yokusayinisa umdlali weBayern Munich uMatthijs De Ligt.