IManchester City isigcine iqoke ukumdayisa uJulian Alvarez ozwakalise ukungenami ngokukhuhla ibhentshi kuleli qembu.
Ngokwemibiko engene namhlanje ekuseni iCity ivume ukudayisela i-Atletico Madrid lo mdlali ngemali ebalelwa ku-€75million kodwa kuthiwa izogcina ifinyelele ku-€95million ngenxa yamabhonasi okuvunyelwene ngawo.
Osekusele manje ukuthi u-Alvarez enze imedical eSpain, bese evumelana ne-Atletico ngenkontileka.
IMan City ibizimisele ngokumgcina lo mdlali osenqobe konke e-England eminyakeni emibili efikile, kodwa kuthiwa uhehwa ukutshelwa ukuthi uzoba wumgadli obahole bonke kwi-Atletico, okutindawo ka-Erling Haaland kwiMan City.
I-Atletico Madrid ayidlali kwimakethe yokuhwebelana ngabadlali kuleli windi njengoba ifuna ukulwela isicoco seLaLiga ngesizini ka-2024/25. Umqeqeshi wayo uDiego Simeone usasayinise uleft back odlalela iSpain uRobin Le Normand, nomgadli u-Alexander Sorloth.
Usazama ukudayisa uJoao Felix angaboni ngasolinye naye ngamaqhinga.