Umqeqeshi weLiverpool uJurgen Klopp ufanise abadlali bakhe nemoto yobukhazikhazi iFerrari ngemuva komdlalo wePremier League beshaya iSouthampton ekhaya.

UKlopp wenze izinguquko ezingu-9 esikimini seqembu kulomdlalo obubalulekile njengoba iLiverpool isalwela ukunqoba iligi. ILiverpool inqobe ngo 2-1.

IReds iqale umdlalo ngaphandle kukaThiago, Sadio Mane, Mohamed Salah, Virgil Van Dijk, Fabihno, Andrew Robertson noLuis Diaz.

Izikhala zabo zivalwe uCurtis Jones, Diogo Jota, Roberto Firmino, Joel Matip, Harvey Elliott, Tsimikas noTakumi Minamino.

ISaints ibihamba phambili ngegoli elishaywe uNathan Redmond ngomzuzu ka-11. UMinamino ushaye elokulinganisa ngomzuzu ka-27. UJoel Matip ushaye igoli elinqobise iLiverpool esiwombeni sesibili, kwaphela ukuminca kubalandeli beqembu.

UKlopp uthe umphumela wanamuhla ugqamisa ukuqina lombango wejezi eqenjini.

“Ngiyajabula ngomphumela, bekunzima khona. Abadlali bami Bafana namaFerrari apakwe egalaji. Angazi wagcina nini ukudlala uHarvey. UCurtis udlalile kodwa unesikhathi eside engadlali. Kuyicala ukubona uMinamino engadlali ngoba kumfanele. U-Oxlade (Alex Chamberlain) akadlalanga kodwa usesimeni esihle.

Kunzima kubadlali, namuhla bakhombisile ukuthi bahlangene. Angikaze ngihole iqembu elifana naleli. Siwina kube lula kwezinye izikhathi,” kubeka uKlopp ekhuluma nabeSky Sports.

ILiverpool isele ngephuzu elilodwa kwiManchester City ehleli esicongweni. Kufanele ishaye iWolverhampton Wanderers ngeSonto ukuze izoba sethubeni lokunqoba IPremier League.

ICity izodlala ne-Aston Villa ngesikhathi esifanayo. UKlopp uthi akazimisele ngokuxoxa nomqeqeshi weVilla uSteven Gerrard ngaphambi komdlalo ngeSonto.

“Angeke ngikhulume noGerrard, asikho isidingo. Siyazi ukuthi iVilla ifuna ukunqoba ngoba idlalela lokho. Kufanele sinqobe umdlalo wethu, angeke sikhulume ngeWolves sengathi angeke idlale. Lowomdlalo uzoba nzima.

Awucabange uma siya kulomdlalo sizikhathaza ngeCity, uJimenez uzogqofela ibhola enethini. Sizonaka umdlalo wethu. Kuningi okwenzeke esiwombeni sesibili kulesizini,” kusho uKlopp.