I-Asante Kotoko iqinisa ikhanda, yala ukudedela uFranck Mbella Etouga ongomunye wabadlali ababhekwe yiKaizer Chiefs.

U-Etouga (20) ushisa izikhotha ezwenikazi i-Africa selokhu wajoyina iKotoko esuka kwiFortuna Du Mfou ngo-Okthoba wangonyaka odlule. Ugcine esebizelwe esikwatini seCameroon.

Ukubizwa kuka-Etouga esikwatini seCameroon yize egijima kwiligi yase-Africa kukhombisa okukhulu ukuthenjwa kwekhono lakhe. Imenenja yePro Sports International uMike Makaab unikeze iChiefs ithuba lokusayinisa lomdlali ngenyanga edlule.

USihlalo webhodi leKotoko uKwame Kyei uthi abafuna lomdlali abakhohlwe ngoba uzobe eyinsika eqenjini elizodlala kwiCAF Champions League.

“UMbella uzohlala kwiKotoko ngoba sizodlala e-Afrika, angeke asale ngemuva. Kunalokho sifuna abanye abadlali, zizomdedela kanjani umdlali esimethembile? Angeke simdedele, sizokwenza konke okusemandleni ukuthi simgcine,” kubeka uMbella ekhuluma emsakazweni i-Akoma FM.

U-Etouga ushaye amagoli angu-21 emidlalweni engu-28 ngesizini ephelile.